
I-UKZN Iphume Phambili e-Afrika Ohlwini lwe-THE Young University Rankings
Click here for English version
INyuvesi yakwaZulu-Natali iphume phambili e-Afrika ohlwini lwe-Times Higher Education (i-THE) Young University Rankings, eqhathanisa amanyuvesi omhlaba aneminyaka engama-50 noma ngaphansi.
Ohlwini lowezi-2019 - olunamanyuvesi angama-351 anyuke esuka kuma-250 ngowezi-2018 - yi-UKZN kuphela kumanyuvesi ase-Afrika esohlwini lwayikhulu avelele. Kunombolo yama-85, i-UKZN ibambane ne-University of Rome III yaseNtaliyane.
I-THE wumthombo ohamba phambili ngemininingwane yezikhungo zemfundo ephakeme ezihamba phambili ngokwenza ucwaningo. Njengoba igabe ngokuqhathanisa amanyuvesi omhlaba alinganisilwe kumashumi amahlanu eminyaka, i-THE inolwazi olunzulu ekuqhathaniseni amagalelo amanyuvesi emhlabeni wonke.
Ithebula le-Times Higher Education Young University Rankings lincike ezintweni zokukala ezili-13 kodwa-ke isikali sithe ukuncishiswa uma kuza egameni inyuvesi nenyuvesi edume ngalo.
I-Hong Kong University of Science and Technology ihamba phambili kanti sekuyiminyaka emibili ilandelana, bese kulandela i-École Polytechnique Fédérale de Lausanne; i-Nanyang Technological University, yase-Singapore, ne-Paris Sciences et Lettres – PSL Research University Paris.
E-Afrika i-UKZN ilandelwa ngamanye amanyuvesi amabili aseNingizimu Afrika, womabili asohlwini lwe-151 kuya kwelama-200. Ayikho enye inyuvesi yase-Afrika eyenze kangcono ukuyidlula.
I-United Kingdom imeleleke kahle ohlwini lwamanyuvesi njengoba igabe ngangama-34 – ande ngamathathu kunangonyaka odlule – aholwa yi-Brighton ne-Sussex Medical School endaweni yama-36th. I-France isilele isibili ngamanyuvesi angama-24, kuthi i-Australia ne-Spain balele isithathu ngamanyuvesi angama-22. Esewonke angama-60 amazwe aseYurophu, Australasia, Asia, North America, Latin America nawase-Afrika akhona oshicilelweni lwesishiyagalombili, esuka kuma-55 angonyaka odlule.
I-Sorbonne University yiyo yodwa entsha ohlwini lwangama-20 aseqhulwini, njengoba isendaweni yesishiyagalolunye.
Ukuthola eminye imniningwane ngalolu hlu, yiya ku: https://www.timeshighereducation.com
Amagama: ngu-Sinegugu Ndlovu